Bayanda Hlongwane
uLerato Elothando Gavu ozifelayo ngokumodela owaqala eneminyaka eyisikhombisa ngonyaka ka 2012
Isithumbe sithunyelwe
Owaqala eneminyaka eyesikhombisa kumkhakha wokumodela , uLerato(19) Elothando Gavu wakwaMachi eHarding. uNkosazane uGavu waqala ukungenela imincintiswano yokumodela ngonyaka ka 2012. Uyamodela aphinde akhulise ibhizinisi lakhe i-Skins by Lerato.
uNkosazane Gavu uqede umatikuletsheni esikoleni Ezinqoleni High School ngonyaka odlule (2023) , lapho aphase khona ngamalengiso wathola uBarchelor ohamba no distinctions ababili.
" Ngebhadi angizange ngikwazi ukuqhubekela enyuvesi ngenxa yokuthi ifoni yami yayintshontshiwe, ngoNdasa ngathatha isinqumo sokuqala ibhizinsi lomkhiqizo wesikhumba , lapho ngidayisa khona amafutha okugcoba kanye nekhilimu wokugcoba." kusho uNkosazane Gavu.
Wathola ukweseka okukhulu kusisi wakhe omdala ngebhizinsi lakhe lokudayisa komkhiqizo wesikhumba. uNkosazane Gavu ubika ukuthi umama wakhe umeseka kakhulu , kwezokumodela aphinde ammxhase nangemali. Ugogo wakhe omunye wabamesekayo , kanti futhi yilapho ethola izibusiso khona.
(Imikhiqizo yesikhumba i-Skins by Lerato)
" uMama wami uyena umuntu engibukela kuye , uyena ongithwalayo kunzima , akaze angilahle noma ngidlula kwesiphi isimo kunalokho uyaqhubeka angiseke angithande njengendokazi yakhe. Akaze angilahle noma ngidlula kwesiphi isimo," kuchaza uNkosazane Gavu ngenjabulo.
uNkosazane Gavu uzibona enekusasa eliqhakazile , ekudayise imikhiqizo yakhe yesikhumba i-Skins by Lerato. Ufisa ukuba nekhampani yokumodela ezofundisa , ikhulise amantombazane kanye nabafana abathanda ukumodela. uNkosazane Gavu usewine uMiss High School kanye nokuba omunye abafika emaphethelweni ku Ms KZN Finalist.
" Ngifisa ukuba nenkampani engenzi inzuzo , lapho ngisiza khona abantu abaswele , ngokuthi kutshalwe izitshalo khona bazokwazi ukwenza okuya ngase thuinjini. Ngibonge engikutholayo ezinkundleni zokuxhumana , uma ngicela abantu ukuthi banikele ngezinto abangasazidingi , ngiyalithola usizo, " kubonga uNkosazane Gavu
( izingubo kanye nama sanitary anikelwe abantu ngesikhathi uLerato enomkhankaso wokunikela kwezingubo ,azihambise kwabaswele)
uNkosazane Gavu ukhuthaza ukwenza okuhle emphakathini kunokwenza inzuzo , nokuhlinzeka ngezinsizakalo emphakathi wakithi ngaphandle kokulindela okuthize.
Comentarios