Bayanda Hlongwane
uMnumzane uMnqobi osungule ibhizinisi i-Manifesto food emva kokubona isikhala sokungabikho kokudla okuhlukahlukene emphakathini.
Isithombe sithunyelwe
uMnumzane Mnqobi Shezi ( 22) wakwa Nyuswa lapho azalelwa khona. Ukhulele endaweni yase eMbo eduze nehill Chrest. " uthe ibhizinisi i-Manifesto food walisungula ngoba ebona indawo , yokungakubo kwa Nyuswa yokungabo nokudla okuhlukahlukene okwehla esiphundu.
'' Izindawo ezazikhona ezidayisa amagwinya , amasoseji kanye namafries , lapho ngabona isikhala emphakathini. Kwakungangiphathi kahle ukubona abantu bethenga ukudla okungama nani aphezulu , " kusho uMnumzane Shezi'' Emva kwalokho wathatha isinqumo sokuthatha ibhizinisi lakhe iCBD alisu ayibeke eKasi. Uthando lokuvula ibhizinsi walibona eyefunda khona amabanga aphezulu eSiyajabula High School , lapho waqala khona ukudayisa khona amascones.'' Belingeke libe impumelelo leli bhizinisi ngaphandle kwezinsizwa engibambisene nazo uXolani kanye no Makhosonke , " kubonga uMnumzane Shezi
Inselelo ahlangabezana nayo ukushonelwa ngunina wakhe okuyikona okwamhlukumeza kakhulu , bakhuliswe ugogo wakhe kanye nobhuti wakhe omncane. " Besingenakho okuningi kodwa , ugogo wami ubesiseka ngayo konke esikudingayo sinobhuti wami omncane. Ngenxa yokungabi nawo amasenti ngaqala ibhizinsi kunokuthi ngiphume ngaphandle ngiyokwenza ubugebengu , kusho uMnumzane Shenge.
Umuntu abukela kuye umngani wakhe , uNtokozo Nzama. Okuwuyena amfake ngaphansi kwephiko lakhe. Wamfundisa izindlela zokuphatha ibhizinisi lokudla. " Ngikhuluma sengidayisela nabamhlophe ngenxa yezimfundiso zika mngani wami. " kubonga uMnumzane Shezi.
uMnumzane Shezi uphinde athole ukugqugquzeleka kubhuti wase BBQ boys , ngendlela aphatha ngayo ibhizinisi lakhe.
Comments