Bayanda Hlongwane
UNksz Mnguni wasendaweni yaseMswilili ePOrt Shesptone ocela uxhaso kwezokulima
Isithombe Sithunyelwe
Ucela uxhaso umlimi osemcane ukuze asungule amathuba omsebenzi emphakathi wakhe , uNksz Mnguni ( 17) wase Mswilili , ePort Shepstone.
uNksz Mnguni waqokelela imali yokudla esikoleni wathenga izithombo zakhe zokuqala, akagcinanga lapho , Wadayisa imifino yakhe emphakathini , waphinde wathola imali yokuqala ibhizinisi lakhe lekofuya aphinde adayise izinkukhu olamthuthu.
Uzibona eletha ushintsho olukhulu emphakathini lokuvula amathuba omsebenzi , akwazi ukuqasha intsha kanye namanye amalunga omphakathi anentshisekelo ngezokulima.
uNksz Mnguni ubhekane nezingqinamba eziningi njengoba ongumlimi osemncane , ''Kunzima ukuba ngumlimi osemncane esikhathini samanje , amanzi ngiwakha kude futhi ngiyazikhelela bengingathanda , ukuthola uxhaso ekuthengeni ipayipi lamanzi noma ngithole amathangi ojojo abazogcina amanzi engadini.'' ngingakuuthokozela kakhulu nokuthola umuntu ozongichushisa ngizikhulise ngokulima , ngoba isisfiso sami ukudayisela izitolo ezinkulu imifinio '' kusho uNksz Mnguni
Ubale nenkinga yokuphela kwamanzi , ahambe inyanga yonke noma esebuya ahlale iviki aphele. Lapho ephoqeleka khona ukuthi ayowalanda emfuleni.
Ufisa kakhulu ukusebenza nomnyango wezokulima wesifundazwe saKwaZulu Natal , baphinde bakwazi ukumlekelela ngezinsiza zokusebenza , okuyimbewu , ukudla kwezinkukhu kanye namageja okulima.
uNksz Mnguni nezinkukhu azikhulisayo , owazithenga ngemali yokudayisa imifino emphakathini
Isithombe: Sithunyelwe
Uveze ukuthi uthando lokulima waluncela kukhulu wakhe , okuyibona abamesekayo. uNksz Mnguni uzibona enekusasa eliqhakazile kwezokulima njengoba nasesikoleni enza izifundo zokulima phelezi( Agriculture).
''Endaweni yangakithi abandile kakhulu abantu abasha abaziphilisa ngemsebenzi wezandla yingakho ngabona isikhala sokuthi angitshale imifino ngiphinde ngidayise izinkukhu , ngidayisele umphakathi wase Mswilili , kanti nothando lokutshala ulona olwangenza ukuthi ngiziqalele insimu yami yemifino , '' kusho uNksz Mnguni
uNksz Mnguni esensimini yakhe lapho atshala khona imifino kanye nezaqathe azidayisa emphakathini.
Isithombe Sithunyelwe
uNksz Mnguni eduze kwezitshalo zakhe zemifino ehlukahlukene kanye nezaqathe
Isithombe Sithunyelwe
Ugqugquzele intsha ukuthi izakhela amthuba omsebenzi , waphinde wagcizelela ukuthi ukulima akukhulelwa , yena waqala eneminyaka engu-15 lapho esiza khona ukhulu wakhe engandini yakubo.
'' Kubalulekile kakhulu ukuthi intsha ifunde ngezolimi , ngoba ngokutshal ungenza okuningi uyakwazi ukuziphilsa, ngikhuluma mina ngithole imali ngokudayisa izitshalo , ngathenga izinkukhu. Namathuba emisebenzi ayikho nhlobo , yingakho kubalulekile ukulandela uthando lwezokulima.'' kusho uNksz Mnguni
Comments