top of page

i-Dundee July iqhakambisa ubuhle be-Africa kanye namasiko

Writer's picture: Bayanda HlongwaneBayanda Hlongwane

Bayanda Hlongwane


Abamodelayo ekade bekhangisa umcimbi we Dundee July bekhangisa ingqephu

Isithombe: Dundee July



Ngomhlaka 20 ku-Nhlangulana bekuhlangene izinkumbi zabantu endaewni yase Dundee eBattlefilds Country Lodge Sport Resort . Izihambelli ebezisuka eyindaewni

ezahlukakahlukene zitheleke ngobuningi bazo zihambele umcimbi iDundee July. Umcimbi ubuhanjelwe ngisho nosaziwayo imbala kanye nabasuka kwisigungu sika hulumeni wesifundazwe sa-KwaZulu Natal.


Abasuka kwisigungu sika Hulumeni sakwa-waZulu Natal uMEC Mnumzane Mntomuhle Khawula ophethe ezemidlalo kanye nezamisiko, ehambisena no Mnumzane Thamsanqa Ntuli uNdunankulu wesifundazwe. Osaziwayo ekade behambele lomcimbi uSelybeyonce Mkhize , uKhathide Tshatha Ngobe abaqhabuka ezindlini zomsakazo oKhozini FM lapho ekade besakaza khona bukhoma kwi Dundee July. Abanye bosaziwayo kubalwa uDaliwonga umculi wana phiyano , uGatsheni umculi kaMaskandi ,

Umsakazi woKhozi FM obehambele Dundee July lapho ekade esakaza bukhoma eBattlifieds Sport Ground endaweni yase Dundee.

Isithombe: Dundee July


Kulonyaka bekunengqikithi noma isqibulo esihlukile somcimbi we-Durban July Theme yonyaka ethi-African Jewel , lendikimba ichaza ubuhle kanye nethalente lase Ningizimu Africa. Umgubho weminyika yonke uhlanganise oqhakambisa isiko , nemfashinin kanye nemijaho yamahashi ehlaba umxhwele ngaphansi kwelanga lase NingiZimu Africa. Lomcimbi odumele olandele emva kwe Durban July , unyuse kakhulu izinga lomnotho wase Dundee.


Uhlu lwabaphume phambili kumqudelwano wamahashi kwi Dundee July okade ubanjelwe eDundee eBattlefilds Country Lodge Sport Resort

Isithombe: Dundee July


Kuhalaliselwe abaphume phambili kumqudelwano wamahashi iDundee July uZakhele , ebehamba ngehashi uVilla lika N.Gule , olandele emva kwakhe uSivukile , ohehamba ngehashi uBafabantu lika H.Gwala. Kuphinde kuwine uXhawulile obengiwesithathu ehamba ngehashi lika Ngobese. uMelusi Gumede wase wase Mondlo eVryheid ukomeliswe ngemali engango R350 000 ngokuwina umqhudelwano wamahashi kwi Dundee July.


ngemumva abanye balabo ekade beqhudelana kumjaho wamahashi eDundee kanye no Ndunankulu wesifundazwe sa KwaZulu Natal uMnu Thamsanqa Ntuli kanye no Mnu Mntomuhle Khawula umphathiswa ezemidlalo KwaZulu Natal , UMelusi Gumede osesithombeni ohlumule imali engango R350 000 emqudalwaneni wemijaho yamahashi kumcimbi weDundee July

Isithombe: Sports and Culture


'' Ngizizwa ngithokozile impela ngiyaqala ukutjola imali engaka , bengikulindele ukuthi ngizowina kodwa ngoba ngigijima nezinkabi bengeke ngikuphakamise lokho, kodwa ngoba ngiwinile ngiyabonga kakhulu,'' uMelusi Gumede echazela intatheli yeSolezwe. Waqhubeka wathi uphinde wasizwa nayindlela ihashi lakhe elikhandeke ngayo lihluke kalhulu kunamanye ekade liqhudelana nawo. U-Alpha and omega wase Mpumalanga owayedle umhlanganiso ngonyaka odlule alibonanga elidlalayo , kanti kubikwa ukuthi uJokhi wakhe owayemgibele wadutshulwa wabulawa.



uNdunankulu wakwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli , ubonge ithuba lokuqhakambisa indawo wapjinde wagqugquzela ukutshala , '' kufanele siqhakambise indawo , nokuhle okukhona kuleyo ndawo kukhona abanye abakhona la endaweni , abathi bayingxenye yalomjaho kube khona amathuba abakwazi ukuwathola , asikhulumi ngomnotho womuntu ofike lana okhokhile etekisini noma othele uphethiloli kodwa sikhuluma ngomama odayisa emgwaqeni ukuthi yithuba leli lokuthi abuyele ekhaya kubantabakhe ephethe okuthize, '' kuchaza uNdunankulu wesifundazwe uThami Ntuli.

Izinkampani ezahlukahlukene ezixhase umcimbi wemfashini kanye nokuqhudelwana kwahashi i-Dundee July

Isithombe: Sports and Arts and Culture


Abahleli bomcimbi Dundee July badlulise ukubonga ekhasini labo lezinkundla zokuxhumana. " Kubo bonke ebesibambisene nabo izandla zedlula ikhanda. The 19th annual Dundee July would not be possible without your support, siyabonga kakhulu niphinde nenze nakwabanye. '' bedlulisa ukubonga Dundee July ephinde yaziwe njenge khaya lemfashini inikeze amathuba kubathungi abaningi , lapho ekade bebonisa khona ithalente labo kwimfashini. Bekukhona ngishi nabamodelayo kumcimbi iDundee July.


Omunye walabo okade emodela aphinde akhangise imfashini kumncimbi iDundee July

Isithombe : Sports and Culture


UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo, uMfundisi Musa Zondi, ubehambele lo mcimbi, eqhakambisa ukubaluleka kweDundee July ekubukiseni ngamagugu nobuchule obukhona KwaZulu-Natal.


Ngesikhathi somcimbi, u-MEC uvakashele Ithala Marquee, okuyinhlangano yakwa-EDTEA, egcizelela ukubaluleka kwezinhlelo zokuthuthukisa umnotho ekukhuthazeni umoya nokukhula komphakathi.


Enkulumeni ehambisana nokuziqhenya nesasasa, uNgqongqoshe uZondi ugcizelele ukubaluleka kwemicimbi yalolu hlobo ekufukuleni imiphakathi yendawo kanye nokukhuthaza izizukulwane ezizayo. Ababekhona bajatshulelwe umbukiso wezimpahla ezimangalisayo, umculo oshayayo, nemijaho emangalisayo, bebungaza ngempela umoya wase-Afrika.





89 views0 comments

Recent Posts

See All

Comentarios


  • Whatsapp
  • Facebook
  • LinkedIn
  • Instagram
  • YouTube
  • X
  • TikTok

@ BAYANDA NEWS TIME

bottom of page