top of page

NGE DRAMA KA BIG ZULU KANYE NO DUMI MKHOKSTAD SEKUQANJWE IZINGOMA EZISHISA IZIKHOTHA

Writer's picture: Bayanda HlongwaneBayanda Hlongwane

Bayanda Hlongwane


Umculi odume ngelika Big Zulu enkundleni yezemidlalo kanye nomunye weqembu labakade bedlala nalo eTsakane Stadium eMpumalanga yeGoli

Isithombe: Vino snap



DUMI MKOSTADI: "IMA !! WOOOOH ANGIKUPHAZAMISANGA !!"

Zidla ubhedu ezinkundleni zokuxhumana izingoma eziqanjwe abaculi ababili ngesigameko uSiyabonga Nkosi ocula uMaskandi kanye no Dladla Mshunqisi umculi weQgomu. ETsakane Stadium lapho kade kuqhudelwana ngebhola lezinyawo. Ngesonto eTsakane Stadium eMpulanga yeGoli bekuqhudelana abaculi bamaskandi kanye nabanye osaziwo , abaculi be Gospel , hip hoop kanye ne Gqomu. Bekuwumqudelwano we JAMMIN2SOCCER. Abe Gospel beholwa ngu mculi wokholo uDumi Mkostad. Kube khona ukungaboni ngaso linye phakathi komculi odlalela iqembu le Hip Hop uBig Zulu kanye no Dumi Mkhostad , okugcine kuholele ekutheni ungadlalwa umdlalo wamanqamu.





Umbukiso othunyelwe ezinkundleni zokuxhumana lapho uBig Zulu ephikisana ngamagama beno mculi wokholo uDumi Mkhostadi , lapho emumisa ukuthi akame amnike ithuba ngoba yena akamphazamisanga

UMBUKISO/ VEDIO : ITHUNYELEW


"Kubamba ezingelayo nami angilalanga ngavuka ekuseni kakhulu ngesikhathi kwenzeka'' okungathi kungase kuvele kamnandi ezweni , kusho uSiyabonga Nkosi. Ushicilele ingoma entsha yamasikandi ngesigameko esenzeke eTsakane Stadium eMpumalanga yeGoli lapho kade kubanjelwe umdlalo wabaculi. Exoxa nabezindaba ku 163 ubonge idlozi lakhe ukuthi limthathile lamubeka egalelewni, uthi naye usebenzise ithuba alibonayo engiyilutho engumculo osafufusayo kwezomaskandi kubika uSiyabonga Nkosi. uNkosi ubone kwiyithuba keki elingamvulela iminyango eminingi naye akwazi ukusondela kubafowabo abacula umaskandi ajwayele ukubabona kumabonakude.

INGOMA KA SIYABONGA NKOSI ETHI , IMA WOOH ASIKUPHAZAMISANGA , INGOMA ESUSELWE KWINGXABANO EYENZEKE ENKUNDLENI YEZEMIDLALO

UMBUKISO\VEDIO: UTHUNYELWE



UMBUKISO ONGAPHEZULU UTSHENGISA INKULUMO PHAKATHI KUKA SYABONGA NKOSI NOWEZINDABA KU 163 LAPHO ECHAZA KHONA NGENGOMA YAKHE ENTSHA

UMBUKISO/ VIDEO : IZINDABA KU 163


Akazibekanga phansi nomculi wegqomu uAnele Dladla odume ngelika Dladla Mshunqisi , ngemumva kwesigameko ufake umbukiso noma vidiyo ezinkundleni zokuxhumana , lapho ecula khona ngesigameko ekade senzeka eTsakane Stadium lapho umculi we Hip Hop uBig Zulu ekade engaboni ngasolinye nomculi we Gospel waphinde waphikisana naye ngamaziwi enkundleni. uDladla mshunqisi uyibhale ezinkundleni zokuxhumana i-vidiyo yakhe.


IVIDIYO ENGEZANSI ICASHUNWE EKHASINI LIKA DLADLA MSHUNQISI EZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA , INGOMA ITHI IMA WHOOOO!!!


Bagcine bethelelane amanzi uBig Zulu kanye no Dumi Mkhostadi ngengxabona noma ukungabonin ngasolinye okwenzeke eTsakane Stadium. Ngixolise ukubiza uDumi ngomfana kodwa leli iqiniso elidlula leli , ukumoshela abantu isikakhathi sabo , uBig Zulu edlulisa amazwi ezinkundleni zokuxhumana. Waphinde wadlulisa umyalezo umculi weGospeli uDumi Mkokstadi , Ngakho konke okukhulunyiwe sikwazilen ukwenza ukuthula kanye noxolo.



UMYALEZO OCASHUNWE EZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA LAPHO UMCULI WE-GOSPELI UDUMI MKOKSTADI EDLULISA UXOLO , APHINDE ABONGE NEZINKAMPANI EZIXHASE UMDLALO WABO WEBHOLA








41 views0 comments

Recent Posts

See All

Comments


  • Whatsapp
  • Facebook
  • LinkedIn
  • Instagram
  • YouTube
  • X
  • TikTok

@ BAYANDA NEWS TIME

bottom of page