top of page

uSbu Buthelezi ubike ukuthi kusazohlehla inhlanzi ngokubuya kwakhe emsakazweni

Updated: Jul 18, 2024

Bayanda Hlongwane



uSbu Buthelezi osenisikhathi eside emisiwe emsakazweni uKhozi FM

ISITHOMBE : SIGCINWE



Sekuyisikhathi eside ethulile owuyangumsakazi wohlelo lwendumiso oKhozini FM emva kokuzulelwa amanqa ngezinsolo , zokukhwabanisa nokuqola kwezigidi zemali ezazi londolozwekwi khampani yakhe i-Abombuso Investments. Ngomsombuluko ebusuku udlulise umyalezo ezinkundleni kwikhasi lakhe , lapho ethi " ulwazi olungajwayelekile luhlukanisa abahlaniphile kanye neziphukuphuku" kusho uButhezeli. Abalandeli bakhe besathuswa yilokho waphinda wabhala ukuthi , " Ngiyabuya bafowethu nodadewethu usazohlehla ufish(inhlanzi) okuthuse abaningi , ukuyisusa imibhalo emumva kwesikhashana ekade eyibhalile.



Umbalo oshicilelwe ngowayengu msakazi ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana , lapho ebonga khona abalandeli bakhe , aphinde abadlulisele ukuthi kusazohlehla inhlanzi.

Isithombe: Sigciniwe


Baningi abathuswe umbalo wakhe , othi kusazohlehla inhlanzi , waphinde wabhala ukuthi "ngiyabuya bafowethu kanye nodadewethu" , kusazohlehla inhlanzi. uButhelezi etshengisa injabulo kubalandeli bakhe.



Ngonyaka ka 2022 lapho wayeqinisikekisa isehlukaniso sakhe nomsakazo uKhozi FM , lapho abonga khona khona ukuthi usehlale iminyaka engu-14 oKhozini FM. Akaphumelanga obala ngesikhathi ngezingqinamba ezenze umsakazo iSABC ithathe isinqumo esowujuqu sokumiswa kwakhe emsakazweni. Ngaphambi kokwenza isihlukaniso nomsakazo uKhozi FM wamiswa amasonto ayisishagalolunye ngonyaka ka 2022.



Comments


  • Whatsapp
  • Facebook
  • LinkedIn
  • Instagram
  • YouTube
  • X
  • TikTok

@ BAYANDA NEWS TIME

bottom of page